Izimayini




INCAZELO:
Izimayini (ngaphambilini ezaziyi-gnomine) wumdlalo wephazili lapho uthola khona izimayini ezintanta olwandle usebenzisa ubuchopho bakho kuphela kanye nenhlanhla encane.
Uqala umdlalo ngegridi yezikwele ezimboziwe futhi ungazi ukuthi kukhonani kuzo. Ukuchofoza isikwele kuveza okukuso: ulwandle olungenalutho noma imayini. Uma uthola imayini kuyenzeka izinto ezimbi bese umdlalo usuphelile. Uma uthola isikwele esingenalutho, uyasinda bese uzama futhi. Sikunikeza usizo oluncane; uma uthola ucezu lolwandle olungenalutho inombolo iphrintiwe lapho ekutshela ukuthi zingaki izimayini ezisezikweleni eziseduze (noma zingekho inombolo uma zingekho izimayini eziseduze). Uma usuthole izikwele ezimbalwa ezicacile ungaqala ukuthola ukuthi yiziphi izikwele ezinezimayini kuzo nokuthi iziphi ezingenazo. Uwina umdlalo uma usuveze zonke izikwele ezingambiwe futhi umaka zonke izikwele ezimbiwe.

